Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:10 - IsiZulu 2020

10 Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lapho kuhambela kahle kwabalungileyo, umuzi uyajabula; nalapho ababi bebhubha, kukhona ukuthokoza.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:10
14 Referans Kwoze  

Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


Lapho izikhohlakali zivuka abantu bayacasha, kepha ngokubhubha kwazo abalungileyo bayanda.


Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”


UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”


Abantu bonke bezwe bathokoza kakhulu, umuzi waba nokuthula. U-Athaliya babembulele ngenkemba esigodlweni.


Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wezikhohlakali ucekelwa phansi.


Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.


Wabheka, wayibona inkosi imi ngasensikeni yayo ngasekungeneni. Izikhulu nabamacilongo babenenkosi; bonke abantu bezwe bathokoza, bashaya amacilongo, abahlabelelayo babebetha izinto zokucula, behola indumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ukuvukela umbuso! Ukuvukela umbuso!”


Bonke abantu bezwe bathokoza, umuzi waba nokuthula, ngokuba u-Athaliya babembulele ngenkemba.


Izulu nomhlaba, nakho konke okukulo, kuqhumuke, kuhlabelele ngeBhabhele, ngokuba ababhubhisi bayakulithelekela bevela enyakatho,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite