Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:9 - IsiZulu 2020

9 Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka; kepha ohlanekezela izindlela zakhe uzokwaziwa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:9
17 Referans Kwoze  

Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


“Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa.


Kanjalo nemisebenzi emihle isobala, noma ingabonakali kodwa ingefihleke.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Khona uyohamba endleleni yakho uphephile, unyawo lwakho lungaqhuzuki.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.


Onenhliziyo ephambeneyo akakufumani okuhle; onolimi oluphambeneyo uwela engozini.


Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


Noma inzondo yakhe isibekelwa yinkohliso, ububi bakhe buyodaluleka ebandleni.


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


“Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici, akayukuzibamba izandla zabenza okubi,


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite