Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:7 - IsiZulu 2020

7 Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:7
20 Referans Kwoze  

Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.


ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi, ngibusisiwe.


Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”


Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


Bamngcwaba emzini kaDavide namakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.


Mabahlale bephambi kukaSimakade njalo, ukuze akuqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni, kungabi bikho okhumbula igama laso emigwaqweni.


Ngiyakuwuvikela lo muzi, ngiwusindise ngenxa yami, nangenxa yenceku yami, uDavide.’ ”


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Ngabona ababi bengcwatshwa, ababevame ukungena bephuma endaweni engcwele, belibaleka emzini lapho babenza khona lezo zinto; nalokho kuyize.


Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


UHezekiya wayesekhothama, bamngcwaba emmangweni wamadlinza ozalo lukaDavide, wonke uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema bamhlonipha emngcwabeni wakhe. UManase, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.


Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa, kunesiliva negolide.


“Ngiyobavukela,” kusho uSimakade Wamabandla, “nginqume eBhabhele igama nensali, indodana nomzukulu,” kusho uSimakade.


USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite