Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:6 - IsiZulu 2020

6 Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa ubudlova busibekela umlomo wababi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:6
14 Referans Kwoze  

Zonke lezi zibusiso ziyokwehlela kuwe, kube ngezakho, uma ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.


Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso, kepha oceba ngokushesha akayukuyekwa angajeziswa.


Kwabamthethisayo kuyokuba mnandi, kwehlele phezu kwabo isibusiso esihle.


Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.


Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi, ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Abantu bayamqalekisa oncishana ngokudla, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngakho.


Olungileyo uyokubona lokho, ajabule, bonke ububi buvale imilomo yabo.


Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.


Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.


Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


Isiqalekiso sikaSimakade sisendlini yezikhohlakali, kodwa uyalibusisa ikhaya labalungileyo.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite