Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:3 - IsiZulu 2020

3 USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova kayikuyekela umphefumulo wolungileyo ulambe, kodwa uchitha okuhle komubi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:3
23 Referans Kwoze  

Kade ngimusha, manje sengimdala, kodwa angikaze ngimbone olungileyo eshiyiwe, nozalo lwakhe luyizinxibi.


Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka;


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala.


ukukhulula umphefumulo wabo ekufeni, nokubagcina bephilile endlaleni.


Endlaleni uyakukuhlenga, ungafi, akukhulule nasemandleni enkemba empini.


Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini.


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Olungileyo udla asuthe eneliswe, kepha isisu sezikhohlakali seswele esingasuthiswa ngakho.


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.


Uhamba ezulazula, efuna ukudla, athi: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusesandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite