Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:21 - IsiZulu 2020

21 Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ukuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:21
28 Referans Kwoze  

Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Yini ukuba isiwula sibe nemali yokuthenga ukuhlakanipha esandleni, sibe singenangqondo na?


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade.


Ulimi oluphilisayo lungumuthi wokuphila, kepha olobuqili luyawephula umoya.


Siyakufa ngenxa yokweswela ukuyalwa, nangenxa yobukhulu bobuwula baso, siyoduka.


uthi: “Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa, nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa!


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.


yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Ngizakuninika abelusi abathandwa yinhliziyo yami, abazonelusa ngokwazi nangokuhlakanipha.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.


Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Amasu nokwazi makukugcine, khona kuyakulonda izindebe zakho.


Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.


Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite