Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:2 - IsiZulu 2020

2 Ingcebo yenkohlakalo ayisizi ngalutho, kodwa ukuziphatha ngokulunga kukhulula ekufeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kusindisa ekufeni.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:2
15 Referans Kwoze  

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.


Endleleni yokulunga kunokuphila, emikhondweni yakho akukho ukufa.


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Isiliva labo bayoliphonsa emigwaqweni, igolide labo libe yinto engcolileyo. Isiliva negolide labo akuyukubasindisa ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Iphango labo abayukulisuthisa, nezibilini zabo abayukuzigcwalisa, ngokuba ububi babo sebuphenduke isikhubekiso sabo.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Ingcebo etholakala kalula iyancipha, kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite