Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:14 - IsiZulu 2020

14 Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Abahlakaniphileyo bayabuthelela ukwazi, kepha umlomo weziwula useduze nokubhujiswa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:14
17 Referans Kwoze  

Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.


Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.


Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula.


Yala ohlakaniphileyo, uzohlakanipha kakhulu; ufundise olungileyo, uzothuthuka ngokuqonda.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe; ogcina ukuqonda, ufumana okuhle.


Inhliziyo ehlaziyayo izuza ulwazi, nendlebe yohlakaniphileyo ifuna ulwazi.


Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.


ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo,


Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi, kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.


Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.


Onenhliziyo ephambeneyo akakufumani okuhle; onolimi oluphambeneyo uwela engozini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite