Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:32 - IsiZulu 2020

32 Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngokuba inzondo yabangenalwazi iyobabulala, nokunetha kweziwula kuyakubabhubhisa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:32
23 Referans Kwoze  

Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana.


Itafula labo malibe wugibe kubo, nesihibe sezitha zabo.


Nibusile emhlabeni, natamasa, izinhliziyo zenu nazondla ngosuku lokuhlaba.


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.


Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


“Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxovela isinkwa.


Ngokuba indlu yakhe iholela ekufeni, nezindlela zakhe emathunzini.


Kepha ophambukayo akazi ukuthi kukhona izithunzi lapho, nokuthi izimenywa zakhe zisendleleni eya kwelabafileyo.


Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite