Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:28 - IsiZulu 2020

28 khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayongifuna ekuseni, kodwa ngeke baNgithole;

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:28
26 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na?


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Abantu akabaphenduli uma bekhala, ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.


Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayukungizwa iNkosi.


USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.


Ngamvulela othandiweyo wami, kodwa othandiweyo wami wayesejike wahamba, umphefumulo wami wephuka lapho esephendukele eceleni, ngamfuna kodwa ngangamthola, ngambiza, akaze angiphendula.


Bayakuhamba nomhlambi wabo wezimvu nowezinkomo ukuyofuna uSimakade, kodwa abayukumfumana, ngokuba usesukile kubo.


Nabuya, nakhala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade akalilalelanga izwi lokukhala kwenu.


Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.


“Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaSimakade, kodwa abayukulifumana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite