Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:24 - IsiZulu 2020

24 Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngokuba ngabiza, nenqaba; Ngelula isandla sami, akwabonwa muntu;

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:24
22 Referans Kwoze  

Kepha ku-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami esizweni esingalaleliyo nesiphikisayo.”


ngiyakunigweba ngenkemba, nonke niyokhothamela ukuhlatshwa, ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga; nalapho ngikhuluma, aningizwanga; kodwa nenze okubi emehlweni ami, nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”


Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade.


Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Ubafihla emphemeni wobukhona bakho, ezigungwini zababakhela uzungu. Ubagcina bephephile edokodweni lakho, olimini olumbaxambili.


wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ngibelulele izandla zami usuku lonke abantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engeyinhle nangokwemicabango yabo,


Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizakuletha kuJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kodwa abalalelanga, ngababiza kepha kabasabelanga.’ ”


“Izwi olikhulume kithi egameni likaSimakade asiyukulilalela.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kodwa kabalalelanga.


Empeleni, uNkulunkulu ukhuluma ngendlela eyodwa, noma ezimbili, nokho umuntu akakunaki lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite