Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:23 - IsiZulu 2020

23 Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:23
26 Referans Kwoze  

“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.


kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.


kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngakho-ke uma nina eningababi, nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani-ke uYihlo osezulwini uzakubapha abacelayo kuye uMoya oNgcwele.”


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi, kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.


“Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Oqaphela ukuyalwa usendleleni eya ekuphileni, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.


Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


“Buyani, bantu abahlubukayo,” kusho uSimakade. “Ngokuba ngiyiNkosi yenu, ngizothatha abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eZiyoni.


Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami.


Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.


Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.


“Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite