Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:22 - IsiZulu 2020

22 “Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:22
34 Referans Kwoze  

uthi: “Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa, nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa!


ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade.


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Okokuqala, nidinga ukuba nazi ukuthi ngezinsuku zokugcina, kuyakufika ababhinqayo bebhinqa behamba ngokwezinkanuko zabo,


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke.


Wathi: “Sengathi ngabe nawe ubuwazi ngalolu lusuku, lokho okungakulethela ukuthula. Kepha manje kufihlakele emehlweni akho.


Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


Lapho isedeleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uthola ulwazi.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli, nemivimbo, umhlane weziwula.


Isedeleli asimfuni ozosisola, asiyi kwabahlakaniphileyo.


Isedeleli sifuna ukuhlakanipha kodwa singakutholi, kanti ulwazi lutholakala kalula koqondayo.


Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.


ngabona phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,


Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?


Izedeleli uyazedelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha,


Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?


Ngumuphi umuntu onjengoJobe, ophuza ukungcofwa njengamanzi,


“Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami.


USimakade wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


Kumemeza ezinkundleni nasemasangweni omuzi, kukhuluma kuthi:


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite