Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:11 - IsiZulu 2020

11 uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uma bethi: “Hamba nathi, silindele igazi, sifune abangenacala ngasese ngeze.

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:11
19 Referans Kwoze  

“Ababi bafunyanwa phakathi kwabantu bami, bayaqamekela njengabacupha inyoni, babeke ugibe, ukuba babambe abantu.


Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo.


Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.


becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni.


Ngakho-ke manje, nina kanye nomkhandlu yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nihlose ukuhlolisisa udaba lwakhe; thina-ke sikulungele ukumbulala engakasondeli.”


Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.


Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.


ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi.


Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.


Ngokuba bangakhele ugobe ngaphandle kwesizathu, bayimbele umgodi impilo yami ngaphandle kwesisusa.


Ufana nebhubesi elilambile, nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini.


Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’


Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uzwa isifungo esibi ngomunye, kepha angasidaluli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite