Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 5:8 - IsiZulu 2020

8 Sesibuswa yizigqila; akekho ongasikhulula esandleni sazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izinceku ziyasibusa, akakho ongasikhulula esandleni sazo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 5:8
12 Referans Kwoze  

Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade. “Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


lapho inceku ibekwa iba yinkosi, nesiwula sisutha ngenxa yokudla okwanele,


funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.


Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.


Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?


Abantwana baso abavikelekile impela, bayagandaywa esangweni, abanaye umhlengi.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


“Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.


wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite