Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 5:5 - IsiZulu 2020

5 Abasixoshayo basihleli entanyeni, sikhathele, asikutholi ukuphumula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abasixoshayo basezintayeni zethu; sikhathele, asinakuphumula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izintamo zethu ziyazingelwa; siyakhandleka, asikutholi ukuphumula.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 5:5
14 Referans Kwoze  

“Iziphambeko zami ziboshelwe ejokeni ngesandla sakhe, waziphica ndawonye wazibeka entanyeni yami; wanqinda namandla ami. USimakade unginikele ezandleni zalabo engingakwazi ukumelana nabo.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na?


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


Abasixoshayo babenejubane ukwedlula izinkozi zezulu; besixosha naphezu kwezintaba, besilalele unyendle ehlane.


usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBhabhele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, amasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo. Abantu bakhandlekela ize, nomshikashika wezizwe uzophelela emlilweni.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.


UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite