Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 5:21 - IsiZulu 2020

21 Sibuyisele kuwe, Simakade, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasemandulo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Siphenduke kuwe, Jehova, futhi siyakuzisola; vuselela izinsuku zethu njengakuqala.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 5:21
19 Referans Kwoze  

Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela.


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezikhalela, ethi: ‘Ungishayile, ngashayeka njengethole elingaqeqeshekile; ngibuyise ukuze ngibuye, ngokuba Wena unguSimakade uNkulunkulu wami.


Sibuyise, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


Emizini esezintabeni, esehlanzeni, eseNegevu, esezweni lakwaBhenjamini, esemaphethelweni eJerusalema nasemizini yakwaJuda, kuyakubuye kudlule imihlambi ezandleni zalowo oyibalayo,’ kusho uSimakade.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kuyakuzwakala futhi kule ndawo enithi ngayo iyincithakalo, akuhlali muntu nasilwane kuyo, emizini yakwaJuda, nasemigwaqweni eJerusalema ebhujisiweyo engenazakhamuzi, nabantu, nazilwane,


Ngizobuye ngikwakhe kabusha, wakheke wena ntombi engu-Israyeli. Uyophinde uvunule ngenjabulo, uphume ngokusina kwabathokozileyo.


Ngiphendule, Simakade, ngiphendule ukuze laba bantu bazi ukuthi Wena, Simakade unguNkulunkulu, nokuthi uguqukisela kuwe izinhliziyo zabo.”


Iyakumthokozisa uSimakade iminikelo yakwaJuda neyaseJerusalema njengasezinsukwini zasemandulo naseminyakeni esiyadlula.


Ilanga lakho alisayukushona, nenyanga yakho ayisayukufiphala, ngokuba uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.


Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala, ibandla lakhe lime phambi kwami; ngibajezise bonke abamcindezelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite