Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 5:2 - IsiZulu 2020

2 Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi, izindlu zethu zaba ngezabezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ifa lethu selidlulele kwabafokazi, izindlu zethu kwabafokazi.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 5:2
13 Referans Kwoze  

Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yincithakalo. Bayakukwakha izindlu, kodwa abayukuhlala kuzo, bayakutshala izivini, kepha abayukuliphuza iwayini lazo.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


Ngiyakuletha abantu abakhohlakele bezizwe, bayakudla izindlu zabo; ngikuqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.


Ngiyakukunikela esandleni sabafokazi, kube yimpango ezikhohlakalini zomhlaba, bakungcolise.


Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.


Abantu bakho abangcwele balidla ifa okwesikhashana; izitha zethu ziyigxobagxobile indawo yakho engcwele.


Izimvana ziyoklaba njengasemadlelweni azo, namazinyane adle encithakalweni yabacebileyo.


Umtshelekisi makakubambe konke anakho, abafokazi baphange izithelo zomsebenzi wakhe.


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


U-Israyeli uyagwinywa, manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho ntokozo kuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite