Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 5:13 - IsiZulu 2020

13 Izinsizwa zithwaliswa amatshe okusila. Abafana babhamazeliswa yimithwalo yezinkuni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Athatha izinsizwa ukuba zigaye, abantwana bawela phansi kwezinkuni.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 5:13
11 Referans Kwoze  

AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.


Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Thatha amatshe okusila, ugaye impuphu, susa imvakazi yakho, ukhumule ingubo yakho, wembule imilenze, uwele imifula.


umkami makagayele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.


Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ipatalele phansi komthwalo, uyoyeka yini ukuyikhulula? Yelekelele ukuze ikhululeke.


Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo.


Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite