Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:7 - IsiZulu 2020

7 Amanaziri akithi ayemhlophe kunongqoqwane, emhlophe ukwedlula ubisi. Imizimba yawo yondlekile, isimo sawo sikhazimula njengesafire.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane, babe mhlophe kunobisi; imizimba yabo yayibomvana kunekorali,* isimo sabo sasinjengesafire.*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 AmaNaziri alo ayehlanzekile kuneqhwa, ayemhlophe kunobisi, ebomvu ngomzimba kunamarubi, ukucwebeshwa kwawo kwakungokwesafire.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:7
15 Referans Kwoze  

Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu, uyakhanga phakathi kweshumi lezinkulungwane.


Makuthi amadodana ethu, ebusheni bawo, afane nezithombo ezikhule kahle, amadodakazi ethu afane nezinsika zamakhona eziqoshelwe ukwakha isigodlo.


Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”


Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.


Ngakho-ke wayesemtshela yonke imfihlo yakhe, wathi kuye: “Ikhanda lami alikaze liphucwe ngensingo, ngokuba ngingumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni sikamame. Uma ngigundwa ayophela amandla ami, ngibe ntekenteke, ngifane nabo bonke abantu.”


kodwa uthe kimi: ‘Uzakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke ungaphuzi wayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”


ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakukhona okwakufana nendawo egandaywe ngamatshe esafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.


Ayinakulinganiswa negolide lase-Ofiri, neshohamu eliyigugu nesafire.


Akunakukhulunywa ngekhorali nangekhristalu, intengo yobuhlakani ingaphezu kweyamarubhi.


Imilenze yakhe iyizinsika zemabuli ezibekwe phezu kwezisekelo zegolide loqobo. Isiqu sakhe sifana neLebhanoni, sinjengemisedari ekhethekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite