Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:3 - IsiZulu 2020

3 Ngisho nezimpungushe ziyawancelisa amazinyane azo, kodwa abesifazane babantu bami, ababanaki abantwana babo, banonya njengezintshe zasendle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Namakhanka ehlisa, ancelise amazinyane awo. Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngisho nezilo zasolwandle zikhipha amabele azo, zincelise amazinyane azo; indodakazi yabantu bami isinonya njengezintshe zasogwadule.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:3
14 Referans Kwoze  

Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.


“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu.


abanangqondo, abathembekile, abanaluthando, futhi abanasihe.


“Owesifazane angakhohlwa yini ngumntwana wakhe oncelayo, angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena.


Izimpisi ziyokhala ezinqabeni zalo, namakhanka, ezindlini zamakhosi; sesiseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyukwandiswa.


Kuyakumila ameva namakhakhasi ezindlini zamakhosi akhona, izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi, nendawo yezintshe.


Lapho ngivuka ekuseni ukuze ngincelise umfana wami, ngithole ukuthi ubesefile. Kepha kuthe sekusile lapho sengimbhekisisa ngabona ukuthi akusiye umfana wami engimzeleyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite