Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:22 - IsiZulu 2020

22 Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Isijeziso sobubi bakho siphelele, ndodakazi yaseZiyoni! Akasayikukuyisa ekudingisweni; Uyakuhambela ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi; uzakwambula izono zakho.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:22
17 Referans Kwoze  

Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.


Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngingcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele isiphakathi kwabo, kuze kube phakade.” ’ ”


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Ukona kwendodakazi yabantu bami, kungaphezu kwesono seSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungengazandla zamuntu.


Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Ngiyoguqula ukuthunjwa kukaJuda nokuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.


Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezifihlekile akayukukwazi ukucasha; izizukulwane zakhe, izihlobo zakhe, nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa, baphele nya.


Okude uyakufa ngobhubhane, oseduze afe ngenkemba, kuthi osele ephila nolondekile, abulawe yindlala; ngiyakukufeza kanjalo ukuthukuthela kwami kubo.


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite