Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:10 - IsiZulu 2020

10 Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izandla zabesifazane abanomusa zaphuzisa abantwana babo; babe ngukudla kwabo ekubhujisweni kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:10
12 Referans Kwoze  

“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


“Owesifazane angakhohlwa yini ngumntwana wakhe oncelayo, angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena.


Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


Ngisho nezimpungushe ziyawancelisa amazinyane azo, kodwa abesifazane babantu bami, ababanaki abantwana babo, banonya njengezintshe zasendle.


Kugobhoza imifula yezinyembezi emehlweni ami, ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.


Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu.


Ngosuku lwesishiyagalolunye yayibhokile indlala emzini, kwakungekho kudla kubantu bezwe.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


muzi ogcwele ukumemeza, muzi oxokozelayo, nomuzi othokozayo na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, futhi abafelanga empini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite