Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:66 - IsiZulu 2020

66 Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

66 Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

66 Basukeleni nibabhubhise ngokufutheka phansi kwezulu likaJehova.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:66
14 Referans Kwoze  

Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


“Uzembese ngolaka, wasixosha, wabulala, awaze waba naluzwelo.


“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”


Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, libe yifa lakho, bese ukuqeda nya ukukhunjulwa kwama-Amaleki phansi kwezulu. Ungakhohlwa yilokho.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.


Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.


Indlela yabo mayibe mnyama, ishelele, ingelosi kaSimakade ibahubhe.


USimakade wayengashongo yini ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kodwa wabasindisa ngesandla sikaJerobhowamu, indodana kaJowashi na?


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Amakhosi azo uyowanikela esandleni sakho, wena uyoliqeda nya igama lawo phansi kwezulu; akukho muntu oyoma phambi kwakho, uze uqede ukuzibhubhisa.


Mababe njengamakhoba epheshulwa ngumoya; ingelosi kaSimakade ibadudule.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


U-Israyeli ukwenqabile okuhle; isitha siyakumxosha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite