Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:59 - IsiZulu 2020

59 Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

59 Jehova, uyabona ukoniwa kwami; thetha indaba yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

59 Jehova, ukubonile ukungalungi kwami; yahlulelani icala lami.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:59
16 Referans Kwoze  

Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.


owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga;


Phikisana, Simakade, nabangiphikisayo, yilwa nabalwa nami.


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


Ngokuba ungenzele ubulungiswa, wangikhipha phambili uhlezi esihlalweni sakho, wehlulela ngokulunga.


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Phakama, usukumele ukwehlulelwa kwami, uyimele indaba yami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami!


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.” Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa, ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?


Ukubonile ukulangazelela kwabo ukuba baphindisele, nawo wonke amacebo abo ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite