Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:51 - IsiZulu 2020

51 Lokho okubonwa ngamehlo ami, kuyayihlubula inhliziyo yami, ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane bomuzi wakithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Iso lami lishaya inhliziyo yami ngenxa yawo wonke amadodakazi omuzi wakithi.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:51
14 Referans Kwoze  

Badlwengula abesifazane eZiyoni, nezintombi emizini yakwaJuda.


“Abancane nabadala badindilize emigwaqweni; izintombi nezinsizwa zami ziwe ngenkemba. Uzibulale ngosuku lwentukuthelo yakho; wazibulala ngokungenaluzwelo.


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”


Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bheka, ngiyakubajezisa; izinsizwa ziyokufa ngenkemba. Amadodana namadodakazi azo ayobulawa yindlala,


Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


aze abheke uSimakade, abone esezulwini.


Abangizondela ize, bangizingelisisa okwenyoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite