Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:48 - IsiZulu 2020

48 Kugobhoza imifula yezinyembezi emehlweni ami, ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 Iso lami liyageleza emifuleni yamanzi ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:48
11 Referans Kwoze  

Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini; wena ludonga lwendodakazi iZiyoni, izinyembezi mazigelezise okwemifula, mawungaphumuli imini nobusuku, inhlamvu yeso lakho ingakutholi ukuphumula.


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite