Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:37 - IsiZulu 2020

37 Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Ngubani othi, kwenzeke, uma iNkosi ingakuyali na?

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:37
16 Referans Kwoze  

owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”


Bheka, ngimelene nabaphrofethi abaphupha amanga,” kusho uSimakade, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangobudedengu babo. Mina-ke angibathumanga, angibayalanga, futhi ababasizanga ngalutho laba bantu,” kusho uSimakade.


Wayesethi kubo: “USimakade makabe nani-ke, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu: sekuyacaca ukuthi kukhona okubi enikuhlosile.


Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazelele nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli lapho kuhlangana khona ibhantshi lensimbi eliyisivikelo sayo, yathi kumshayeli wenqola yayo: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba sengilinyaziwe.”


Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Kepha lokhu ukufihlile enhliziyweni yakho, ngiyazi ukuthi lokhu ubukusophile:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite