Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:36 - IsiZulu 2020

36 lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa, ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 nokona umuntu ecaleni lakhe, iNkosi ayikuboni lokhu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 INkosi kayivumi ukubukela phansi umuntu ebhizinisini lakhe.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:36
8 Referans Kwoze  

Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Iqiniso alikho; osuka ebubini uphenduka impango; uSimakade ukubonile lokho, kwakukubi emehlweni akhe ukuthi ubulungiswa babungekho.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.


Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?


Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite