Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:32 - IsiZulu 2020

32 Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kepha noma ebanga usizi, nokho uyakuba nesihawu ngokobukhulu bobubele bakhe.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:32
15 Referans Kwoze  

Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.


Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Usho kanje uSimakade: “Noma benamandla, futhi bebaningi, kodwa bayakuqothulwa bashabalale, nakuba ngikuhluphile, kepha ngeke futhi ngisakuhlupha.


Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.


“Ngakushiya okwesikhashana, kodwa ngomusa omkhulu ngizokuqoqa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite