Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:17 - IsiZulu 2020

17 Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi uwususile umphefumulo wami kude nokuthula; ngikhohlwe ukuchuma.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:17
13 Referans Kwoze  

Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yamuntu, kungekho nkokhelo yezilwane, kungekho kuthula kophumayo noma kongenayo ngenxa yesitha, ngokuba nganiqatha ukuze kube yilowo nalowo alwe nomakhelwane wakhe.


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Besilindele ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokuphiliswa, kepha bheka, luvalo lodwa.


Yebo, izintaba zingasuswa, namagquma azanyazanyiswe, kodwa umusa wami awuyukusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyukususwa,” kusho uSimakade okuhawukelayo.


Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.


Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.


Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite