Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:11 - IsiZulu 2020

11 Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Waziphendulela izindlela zami, wangidwengula; Wangenza ihlane.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:11
20 Referans Kwoze  

“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


“Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe!


Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane.


Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.


“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwehluka kuyo yonke imibuso, uwudle wonke umhlaba, uwugxobe, uwufihlize.


Amasimu ayothengwa kulo leli lizwe esenithi ngalo liyincithakalo, alisahlalwa muntu nasilwane, nokuthi linikelwe esandleni samaKhaledi.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”


Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Nokho manje uNkulunkulu ungikhathazile, yonke indlu yami uyenze incithakalo.


Umoya wami udikibele, inhliziyo yami idangele.


“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.


Ufane kimi nebhele elicuthileyo, nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite