Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:4 - IsiZulu 2020

4 Yansala umnsalo wayo njengesitha, isandla sayo sokunene samelana nathi, yabulala konke okwakuthandeka emehlweni ethu; ethendeni lendodakazi iZiyoni, intukuthelo yayo yayikhafulisa okomlilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yansala umnsalo wayo njengesitha, yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu. Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wansala umnsalo wakhe njengesitha; Wema ngesandla sakhe sokunene njengesitha, wabulala konke okubonakala emehlweni etendeni lendodakazi yaseSiyoni; Wathulula ulaka lwakhe njengomlilo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:4
38 Referans Kwoze  

“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


“Wena ndodana yomuntu, angithi ngalolo lusuku engiyosusa ngalo inqaba yabo, intokozo yobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, okulangazelelwa ngumphefumulo wabo, amadodana abo namadodakazi abo,


Mina ngiyakulwa nani ngesandla esiluliweyo, nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangenxa yokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.


Njengalokhu isiliva lincibilikiswa phakathi esithandweni somlilo, kanjalo nani niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, niyakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade ngithululele ulaka lwami phezu kwenu.’ ”


Okude uyakufa ngobhubhane, oseduze afe ngenkemba, kuthi osele ephila nolondekile, abulawe yindlala; ngiyakukufeza kanjalo ukuthukuthela kwami kubo.


“ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo.


Hawu, laze lafiphala igolide, igolide elihle seligqwalile! Amatshe endlu engcwele, asesakazeke kuwo wonke amakhona emigwaqo.


Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye.


INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Ngase nginyathela izizwe ngentukuthelo yami, ngazichoboza ngolaka lwami, ngalithululela phansi igazi lazo.”


ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’


“Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.”


Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga.


Ithende lami libhidliziwe, izintambo zalo zonke zigqatshuliwe; abantwana bami bangishiyile, abasekho, akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi, nongigaxela amakhethini ami.


“ ‘ “Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangolaka olutheliweyo.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


USamuweli wathi: “Pho ubuzelani kimi, njengoba uSimakade esekuphendukele, waba yisitha sakho na?


Ungivuthele ngentukuthelo yakhe, wangithatha njengesitha sakhe.


umlungisele izikhali zokufa; uyenza imicibisholo yakhe ivuthe umlilo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


USimakade uyikhombise ngokugcwele intukuthelo yakhe; wathulula ukuvutha kolaka lwakhe, wathungela umlilo eZiyoni, oqothule izisekelo zalo.


Babethile icilongo, balungisa konke; kodwa akekho ophuma impi, ngokuba ulaka lwami luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite