Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:16 - IsiZulu 2020

16 Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo, zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: “Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Zonke izitha zakho zikuvulele imilomo yazo; bashaya ikhwelo bagedle amazinyo; bathi: Sayidla; impela lolu wusuku ebesilulindile; sayithola, sayibona.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:16
31 Referans Kwoze  

Banginkonkozela kakhulu, bethi: “Ashila, ashila, besivele sibona!”


“Zonke izitha zethu ziyasiklolodela.


Izitha zami zingenzakalisa njalo, ngokuba baningi abalwa nami ngokuqhosha.


Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


ngabe sebesigwinyile, ekuvutheni kolaka lwabo kithina.


Njengabantelayo abangakholwa, bangigedlela amazinyo.


Zingikhamisele imilomo yazo njengebhubesi elibhodlayo nelidwengulayo.


Bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo.


U-Israyeli uyagwinywa, manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho ntokozo kuso.


“Ngakho-ke phrofetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba impela banenza naba yincithakalo, banilimaza nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo,


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba amaFilisti aziphindiselele, ephindisela nokuphindisela ngobubi obusenhliziyweni yawo, ukuba abhubhise ngenzondo engapheliyo,


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,


uthi kubo: ‘Zwanini izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba wathi ashila kuyo indlu yami engcwele lapho ingcoliswa, nakulo izwe lakwa-Israyeli ngesikhathi lenziwa incithakalo, nakuyo indlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


“Izindawo zakho ezichithekileyo neziyize, nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana ngabakhileyo kukho, nabakugwinyileyo bayakuba kude.


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso kumelene nami, kuqamba amanga ngami.


Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.


“Sengathi angavelelwa ngokukhulu, alale angabe esavuka.”


Bangathi ezinhliziyweni zabo: “Ehhe, kuye ngesifiso sethu!” “Simgwinyile.”


Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Uyakuphuza endebeni kadadewenu ejulileyo, futhi ebanzi, iyakwenza ukuba uhlekwe usulu, futhi wedelelwe, iqukethe okuningi.


Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite