Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:13 - IsiZulu 2020

13 Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kufanele ngithatheni ukuze ngifakaze kini? Ngingafanisa nani ndodakazi yaseJerusalema na? ngiyakubonani kuwe, ukuze ngikududuze, ndodakazi yaseSiyoni na? ngoba ukufohla kwakho kukhulu njengolwandle; ngubani ongakuphilisa?

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:13
14 Referans Kwoze  

Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


UDavide wawahlasela eBhali Pherazimi, wawanqoba khona lapho amaFilisti. UDavide wayesethi: “USimakade uzithelekele izitha zami ngibuka, njengokufohla kwamanzi.” Ngakho-ke wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhali Pherazimi.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


nanti izwi uSimakade alikhulumile maqondana naye, uthi: “Uyakwedelela, uyakungcofa, ntombi, ndodakazi yaseZiyoni; ukunikinela ikhanda, ndodakazi yaseJerusalema.


Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza, zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.


“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


“UFaro uyakubabona, aduduzeke ngaso sonke isixuku sakhe, yena nawo wonke amabutho akhe babulawe ngenkemba,” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite