Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:8 - IsiZulu 2020

8 IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso; bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba bebone ubunqunu balo; seliyabubula nalo, libuyela emuva.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 IJerusalema lonile kakhulu; ngalokho wasuswa; bonke ababelidumisa balidelela, ngokuba babone ubunqunu balo; yebo wabubula wabuyela emuva.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:8
33 Referans Kwoze  

Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Ngizakuphenya isidwaba sibe sebusweni bakho, bubonakale ubunqunu bakho.


Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakuletha kubo isixuku esiyakumelana nabo, ngibanikele ekusatshisweni nasekuphangweni.


Bayakukuphatha ngenzondo, bakuqhwage konke lokho osukusebenzele, bakuphundle, usale unqunu, ubunqunu bobufebe bakho bube sobala. Ukukhanuka kwakho nobufebe bakho


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Izimpunga zendodakazi iZiyoni zihleli phansi emhlabathini, zithule du; zizithele ngothuli emakhanda, zibhince namasaka. Izintombi zaseJerusalema zigebisele amakhanda emhlabathini.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.


Bahlubukile bonke nokuhlubuka, bahamba behleba; bayithusi nensimbi, bangababhubhisi bonke.


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.


“Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.


Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.


IZiyoni lelula izandla zalo, akukho noliduduzayo. USimakade uyalile ngoJakobe ukuthi labo abamzungezile bayoba yizitha zakhe. IJerusalema seliphenduke isinengiso phakathi kwabo.


“Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yaya ekuthunjweni ngenxa yokona kwayo. Ngokuba babengathembekile kimi, ngase ngibusitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bafa bonke ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite