Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:20 - IsiZulu 2020

20 “Bheka, Simakade, ngokuba ngilusizi, kuphethuka izibilini. Inhliziyo yami iyayaluza ngaphakathi, ngokuba ngihlubuke kakhulu. Ngaphandle inkemba idla lubi; endlini ngukufa kodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bheka, Jehova! ngokuba ngisosizini; amathumbu ami awaphumuli; inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami; ngoba ngahlubuka kakhulu; ngaphandle uphanga inkemba, ekhaya kunjengokufa.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:20
32 Referans Kwoze  

Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


“ ‘Ngaphandle yinkemba, ngaphakathi wubhubhane nendlala. Osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini abhuqabhuqwe yindlala nobhubhane.


Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.


Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, azithuli; ngihlangabezana nezinsuku zosizi.


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


“Ngakho-ke inhliziyo yami ikhalela uMowabi njengomtshingo, ibubulela futhi abantu baseKhiri Heresi njengemitshingo, ngokuba umcebo ababewutholile usushabalele.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


uthi: ‘Anginacala. Impela intukuthelo yakhe ingehlele.’ Kodwa sengizokukwehlulela, ngokuba uthi: ‘Angonanga.’


Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.


Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.


Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.


sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho;


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye, kithi, ngokuba sonile!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite