Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:2 - IsiZulu 2020

2 Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:2
30 Referans Kwoze  

Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.


Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.


Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.


Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.


Lawa amqondo munye, futhi anika isilo amandla negunya lawo.


Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”


ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe; kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe? Bayaziqhelelanisa naye; noma efuna ukukhuluma nabo, abatholwa ndawo.


kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo, ngamiselwa ubusuku benhlupheko.


Abafowethu bambuluzile njengomfudlana, nanjengemithonjana eshayo,


Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite