Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:13 - IsiZulu 2020

13 “Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ephezulu wathumela umlilo emathanjeni ami, wawaqeda; Wenekela izinyawo zami inetha, wangibuyisela; Wangenza isichitho futhi ngikhathele usuku lonke.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:13
31 Referans Kwoze  

Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Isikhumba sami sesimnyama, siyaxebuka; amathambo ami ayavutha ngukushisa.


Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwakhe, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBhabhele, ngimehlulele khona lapho ngokungethembeki kwakhe kimi.


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami, ngisiyise eBhabhele, ezweni lamaKhaledi. Kepha kasiyukulibona, siyakufela lapho.


Usiphonse enethini, wasethwesa umthwalo onzima.


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


Kuyakuthi lapho sebehamba, ngiphonse inetha lami phezu kwabo, ngibathele othulini njengezinyoni zezulu, ngibabambe lapho ngizwa umbiko ngokuhlangana kwabo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwakho, phakathi kwesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.


Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele; ngenxa yalezo zinto, amehlo ethu afiphele.


“Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethembela ezithombeni ezibaziweyo, abathi ezithombeni ezibunjiweyo: ‘Ningonkulunkulu bethu.’


Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni.


Mabajabhe, balulazeke abazingela ukuphila kwami. Mababuyiselwe emuva benxothozela abaceba okubi ngami.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Ngokuba izinyawo zaso zibanjwe enethini, sihamba phezu komwowane.


Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.


Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.


Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela


Ningakudli kuluhlaza noma kubiliswe ngamanzi, kodwa imilenze yalo, ikhanda, nezangaphakathi makosiwe emlilweni.


Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite