Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:11 - IsiZulu 2020

11 Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bonke abantu bakhe bayabubula, bafuna isinkwa; babanika okumnandi njengokudla kokunciphisa umphefumulo; bheka, Jehova, unake; ngoba sengikhohlakele.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:11
20 Referans Kwoze  

Ngenyanga yesine, mhla ziyisishiyagalolunye kuleyo nyanga, kwabhoka indlala enkulu emzini, kwakungekho kudla kwabantu bezwe.


“Nkosi yami, nkosi, laba bantu benze okubi ngakho konke abakwenze kuJeremiya, umphrofethi, bamphonse emgodini; uzakufela lapho ngenxa yendlala, ngokuba akusekho kudla emzini.”


Zikhalela onina, zifuna isinkwa newayini, lapho ziquleka njengabalimele kakhulu, emigwaqweni yomuzi; imiphefumulo yazo iphumela ezifubeni zonina.


“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.


Kwaba khona indlala enkulu eSamariya. Balivimbezela, ikhanda lembongolo laze lathengiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingama-80, nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu zesiliva eziyisihlanu.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.


IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.


Sesiphenduke isethuko komakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekisa kwabasiphahlileyo.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


Khumbula Simakade, okusehleleyo! Bheka, ubone ihlazo lethu!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite