Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:1 - IsiZulu 2020

1 Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Yeka ukuthi umuzi owawugcwele abantu uhlezi wodwa kanjani! ukuthi waba kanjani njengomfelokazi! elalilikhulu phakathi kwezizwe nendodakazi yenkosi phakathi kwezifunda, yeka ukuthi libe ngumthelisi!

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:1
38 Referans Kwoze  

Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.


Kakade kwakubusa amakhosi anamandla eJerusalema, ebusa sonke isifundazwe sasentshonalanga yeYufrathe, eqoqa intela nemali yendlela.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


“Ungesabi, ngokuba awuyukujabha; ungapheli amandla, ngokuba awuyukuthelwa ngehlazo; uyakukhohlwa yihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye, kithi, ngokuba sonile!


muzi ogcwele ukumemeza, muzi oxokozelayo, nomuzi othokozayo na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, futhi abafelanga empini.


UJehoyakimi wanika uFaro isiliva negolide; wathelisa izwe ukuze anike uFaro imali njengokusho kwakhe. Wakhiphisa abantu ababehlala ezweni isiliva negolide, ukuze akunike uFaro Nekho.


kube ngangalokho elizidumise latamasa ngakho, ligidlabezeni ngokuhlupheka nokulila. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihleli ngiyindlovukazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngakubona ukulila.’


Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe.


Hawu, laze lafiphala igolide, igolide elihle seligqwalile! Amatshe endlu engcwele, asesakazeke kuwo wonke amakhona emigwaqo.


Izimpunga zendodakazi iZiyoni zihleli phansi emhlabathini, zithule du; zizithele ngothuli emakhanda, zibhince namasaka. Izintombi zaseJerusalema zigebisele amakhanda emhlabathini.


Maye! INkosi yembese indodakazi iZiyoni ngamafu entukuthelo yayo! Ibulahle phansi ubukhazikhazi buka-Israyeli, yabubeka emhlabeni, busuka ezulwini. Ngosuku lwentukuthelo yayo, ayilikhumbulanga ithempeli eliyisenabelo sezinyawo zayo.


Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBhabhele incithakalo ezizweni!


UGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukuzinikela kumaKhaledi, hlalani ezweni, nikhonze enkosini yaseBhabhele, ukuze konke kunihambele kahle.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo; zikhulule eziboshweni ezisentanyeni yakho, wena ndodakazi yaseZiyoni ethunjiweyo.


“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe.


lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.


Ngenxa yezono zethu, isivuno salo esikhulu sesidliwa ngamakhosi owabeke phezu kwethu. Abusa thina nemfuyo yethu ngokuthanda kwawo. Sisenhluphekweni enkulu.”


Abanye babethi: “Sibambise ngamasimu ethu nezivini zethu ukuze sithole imali yokukhokha intela enkosini.


UFaro Nekho wamvimbezela eRibhila eHamathi, ukuze angabe esabusa eJerusalema; izwe walithelisa intela engamathalenta esiliva ayikhulu nethalenta legolide.


INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Wabusa phezu kwawo wonke amakhosi, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni waseGibhithe.


Uyothi enhliziyweni yakho: ‘Ngubani ongizalele laba bantwana, lokhu ngiphuciwe abantwana bami, angisenalutho, ngingumthunjwa nozulane na? Ngubani obakhulisile laba na? Bheka, ngasala ngedwa, babekuphi laba na?’ ”


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe, nihlokomele inhloko yezizwe, nizwakalise ukudumisa, nithi: ‘Simakade, sindisa abantu bakho insali yakwa-Israyeli.’


bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Leli yiJerusalema, ngilibeke phakathi kwezizwe, lahaqwa ngamazwe.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyibonile yonke inhlekelele engiyehlisele iJerusalema nemizi yonke yakwaJuda. Bhekani, namuhla iyincithakalo, akusekho muntu ohlala kuyo,


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


“Ndodana yomuntu, njengoba iThire likhulumile mayelana neJerusalema, lathi: ‘Ashila; liphukile isango lezizwe; seliphendukele kimi; ngiyakuphumelela njengoba lona seliyincithakalo,’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite