Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 8:8 - IsiZulu 2020

8 Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ingelosi yesibili yayisibetha, kwasekungathi intaba enkulu evutha umlilo yaphonswa olwandle, nengxenye yesithathu yolwandle yaba yigazi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ingelosi yesibili yayisibetha, kwasekungathi intaba enkulu evutha umlilo yaphonswa olwandle, nengxenye yesithathu yolwandle yaba yigazi;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 8:8
13 Referans Kwoze  

“Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade, “wena obhubhisa umhlaba wonke; ngiyakwelula isandla sami ngikushaye, ngikugingqagingqe emadwaleni, ngikuphendule intaba eshisiweyo.


“Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho.


Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha.


Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.


“ ‘ “Uma umphrofethi eyengeka bese ekhuluma izwi, Mina Simakade ngimyengile lowo mphrofethi; ngiyakwelulela isandla sami kuye, ngimelane naye, ngimbhubhise kubantu bami u-Israyeli.


USimakade uthi: “Kuyakuthi ezweni lonke kunqunywe izingxenye ezimbili, zishabalale, kushiywe ingxenye yesithathu kulo.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Izingelosi ezine ezazilungiselwe ihora, usuku, inyanga, nonyaka, zakhululwa ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.


Ngalezo zinhlupheko ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu, ngomlilo, ngentuthu, nangesibabule okwakukhafulwa yimilomo yawo.


Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite