Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 6:6
6 Referans Kwoze  

Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.


Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okunjengolwandle lwengilazi, lunjengekhristalu; ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo phambili nasemuva.


yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.”


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite