Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 6:17 - IsiZulu 2020

17 ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba usuku olukhulu lolaka lwayo selufikile; ngubani ongema na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba usuku olukhulu lolaka lwayo selufikile; ngubani ongema na?

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 6:17
20 Referans Kwoze  

“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Abantu baseBhethi Shemeshi base bethi: “Ngubani ongama phambi kukaSimakade, uNkulunkulu ongcwele na? Uma umphongolo usuka lapha kithi uyakwenyukela kuphi na?”


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.


Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.


Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite