Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 6:13 - IsiZulu 2020

13 izinkanyezi esibhakabhakeni zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo angakavuthwa, lapho unyakaziswa ngumoya omkhulu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 6:13
15 Referans Kwoze  

Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Ingelosi yesihlanu yayisibetha icilongo; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.


Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela.


Kuyakuthi lapho sengiqeda nya ngawe, ngisibekele amazulu, ngenze izinkanyezi zawo zibe mnyama, ngilemboze ngefu ilanga, nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo.


Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.


Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane okuqala asevuthiwe; uma inyakaziswa awela emlonyeni wodlayo.


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.


Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


izinkanyezi ezulwini ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.


Uyakuvuthulula amagilebhisi akhe aluhlaza njengomvini, awohloze imbali yakhe njengomnqumo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite