Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 5:5 - IsiZulu 2020

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 5:5
25 Referans Kwoze  

Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.


“Mina Jesu, ngiyithumile ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nowolibo lukaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.


U-Izaya ubuye athi: “Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi, eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama,


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho ngezwi okungathi ngumsindo wokuduma kwezulu, sithi: “Woza!”


Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingama-24; phezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angama-24, embethe izingubo ezimhlophe, ethwele imiqhele yegolide emakhanda.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bamba izwi lakho, ungakhali, namehlo akho angabi nazinyembezi, ngokuba kuyakuba khona umvuzo ngomsebenzi wakho, babuye ezweni lesitha,” kusho uSimakade.


Elinye lamalunga laphendula, lathi kimi: “Bangobani laba abembethe izingubo ezimhlophe, futhi bavelaphi na?”


amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Isambulo sikaJesu Khristu uNkulunkulu amnika sona ukuba akhombise izinceku zakhe izinto ezizokwenzeka masinyane. Wathumela ingelosi yakhe ukuba iyikhombise inceku yakhe uJohane,


Izingelosi zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibeke kuphi.”


INkosi yakubona lokho, yaba nesihe, yathi kuye: “Ungakhali.”


Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


Kepha uJesu waphendukela kubo, wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli Mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.


Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.”


Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuvula leyo ncwadi, nokuba nje abuke kuyo.


Kwakumi izingonyama ezili-12 ngapha nangapha kwezikhwelo eziyisithupha. Okunjengalokho akuzange kwenziwe kunoma yimuphi omunye umbuso.


Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamatheliswe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili eceleni kwemikhono.


Umhlane wayo uyizinhla zezihlangu, zinamatheliswe njengophawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite