Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 3:12 - IsiZulu 2020

12 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 3:12
26 Referans Kwoze  

zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.


Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,


Njengalokhu sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaSimakade Wamabandla, emzini kaNkulunkulu wethu, uNkulunkulu uyowumisa kuze kube phakade. Sela


Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.


Wazimisa izinsika zomphemegumbi wethempeli, insika yangakwesokunene wayiqamba ngokuthi uJakini. Insika yangakwesokhohlo ayimisayo wayibiza ngokuthi uBhowazi.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


eyethiwe ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni,


“Kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-18 000 nxazonke. “Igama lomuzi, kusukela ngalolo lusuku, kuyakuthiwa USIMAKADE ULAPHA.”


Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”


Kukhulunywa izinto ezidumisekayo ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade.


Ubude bomphemegumbi babungamakhubhithi angama-20, nobubanzi bungamakhubhithi ali-11 ngasezitebhisini okwakukhushukelwa ngazo kulo; kukhona nezibonda ngasezinsikeni, ngapha nangapha.


Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


Bawuletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKhesari.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite