Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 22:3 - IsiZulu 2020

3 Akusayukuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Akusayikuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 22:3
20 Referans Kwoze  

“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.


Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.


Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusaba bikho mbubhiso. IJerusalema liyakuhlala livikelekile.


Indawo yami yokuhlala iyakuba kubo, Mina ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babengabantu bami.


Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.


Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


“ ‘Makaqalekiswe ongawagcini amazwi alo mthetho, ukuba awenze.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’ ”


“Kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-18 000 nxazonke. “Igama lomuzi, kusukela ngalolo lusuku, kuyakuthiwa USIMAKADE ULAPHA.”


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla.


Samemeza ngezwi elikhulu, sathi: “Insindiso ingekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu!”


Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa ngokuphazima kweso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite