Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 22:15 - IsiZulu 2020

15 Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 22:15
29 Referans Kwoze  

“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba.


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli;


ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


“Sondelani nina madodana abahlola imihlola, nina nzalo yesiphingi neyesifebe.


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


“Yima uqine ebuthakathini bakho, nasemalumbeni akho amaningi obukusebenza kusukela ebusheni bakho, mhlawumbe uzosizakala, mhlawumbe uyokwazi ukudala uvalo.


Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Kusekhona umuntu oyedwa esingabuza kuSimakade ngaye kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kodwa okubi; nguMikhaya, indodana kaJimila.” UJehoshafathi wathi: “Inkosi mayingakusho lokho.”


Ngubani-ke kini ongadalula isono engisenzileyo na? Uma ngikhuluma iqiniso, pho aningikholwa ngani na?


Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Indlu yakhe iyindlela eqonde endaweni yabafileyo, eyehlela emakamelweni okufa.


Izindebe ezikhuluma amanga ziyisinengiso kuSimakade, kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.


“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite