Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:10 - IsiZulu 2020

10 Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:10
17 Referans Kwoze  

Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.


UMoya kaNkulunkulu wangiphakamisa, wangiyisa nombono kulabo ababethunjelwe eKhalideya. Umbono engangiwubonile wenyuka, wasuka kimi,


Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu.


Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.


Masinyane ngaba kuMoya. Kwase kumiswa isihlalo sobukhosi ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwaso;


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.


Athi kuye: “Bheka, phakathi kwethu izinceku zakho kunamadoda angama-50 anamandla. Mawahambe ayofuna inkosi yakho, hleze uMoya kaSimakade uyikhuphulile, wayilahla entabeni thizeni noma esigodini.” Kepha wathi: “Ningawathumi.”


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lingumama wethu.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite